Uma kuneqembu olaziyo labantu abasebenza emkhakheni wokwesekwa komphakathi, noma ongumxhumanisi (noma oweseka umxhumanisi) ohlanganyela nabasebenzi bokunakekela umphakathi, indlela eyodwa elula kodwa ebalulekile #UkubaKhona (#BeThere) ukusungula nokukhulisa inkundla yokwesekana i-Masked Heroes kuWhatsApp/Moyo (uhlelo oluyinsizakalo yezobuchwepheshe yezokuxhumana yamahhala).
Ukuqalisa: Thumela umyalezo oyimfihlo kwi-CCW ngayinye ongathanda ukuyimema eqenjini. Ngaphambi kokufaka laba bantu kunoma yiliphi iqembu, babuze kuqala ukuthi bangathanda yini ukufakwa. Kulowo mlayezo kufanele uchaze ukuthi yini inhloso yeqembu nokuthi yini engalindeleka kubo. Uma kungaba yinto elula ukwenza lokhu, ungakopisha bese unamathisela lo mbhalo ongezansi kulowo mlayezo ukuze kuqale uhlelo:
Sawubona! Ngethemba uyaphila. Ngithole inombolo yakho ku-_______ (faka imininingwane efanele). Ngiyazi kungenzeka ukuthi izinto zinzima ngempela kuwe nakulabo osebenza nabo kulo mbhedukasifo. Bengifisa ukukwazisa ukuthi ngiqala iqembu lokwesekana ngosizo lwe-WhatsApp/Moyo. Awuphoqiwe ukujoyina – kodwa futhi yindawo lapho ungakwazi ukuxhumana khona nabanye abantu okungenzeka ukuthi babhekene nezimo ezifanayo nezakho. Ungaphuma eqenjini noma nini lapho uthanda – futhi ngeke ngikubuze mibuzo ngalokho! Ngicela ungazise uma ungenankinga ngokuthi ngikufake kuleli qembu. Ivela ku _________ (igama lakho)
Uma-ke bethi bangathanda ukujoyina – yinto enhle leyo – bafake eqenjini! Uma kungenjalo, musa ukubenza bazizwe kabi ngalokho. Bazise ukuthi akunankinga neze futhi uma beshintsha umqondo ekuhambeni kwesikhathi bazobe besamukelekile ukujoyina.
Vula iqembu. Khumbula noma nini lapho ufaka abantu abasha, labo bantu abakwazi ukubona imilayezo ebhalwe ngaphambi kokuthi bajoyine, ngakho-ke kungaba yinto ephusile ukuthi ube nomlayezo wokwamukela amalungu amasha okopishiwe ozolokhu uwufaka njalo lapho umuntu omusha ejoyina iqembu. Mhlawumbe lowo umyalezo ongaba nale mininingwane:
Siyakwemukela kwi ________ (igama lendawo) Masked Heroes support group. Lena yinkundla ekhululekile nje lapho sesekana futhi sikhuthazane kulezi zikhathi ezinzima. Ukuze sinakekelane, kunemihlahlandlela nje eyisisekelo sonke okudingeka siyilandele:
Akuhlezi kulula ngaso sonke isikhathi ukuxoxela abangani nemindeni yethu ngalokho okwenzekayo emsebenzini, ngakho lo msebenzi udala umzwangedwa omkhulu ngezinye izikhathi. Leli qembu ngeke likuxazululele lokho kodwa ngithemba ukuthi lizoletha lowo muzwa wokuba umphakathi, ubumbano nobungani, futhi linisize nikhumbule ukuthi aninodwa.
Kukhona nezinye izinsizakusebenza ezisungulelwe ukusiza WENA lapha maskedheroes.org.za. Noma thumela nge-WhatsApp umyalezo othi “hi” ku-060 011 9999.
Qhubeka njalo: Kungenzeka ukuthi konke lokhu esikubalayo kuyinto ezenzekelayo kuwena, kepha uma kungenjalo, qhubeka ufunde! Khumbula inhloso yaleli qembu ukusiza abasebenzi abanakekela umphakathi bakwazi ukumelana nesimo. Ungakwenza lokhu ngokuthi:
Futhi khumbula:
They put their health- and their lives – at risk every day, all to protect us. With our support, they can help us overcome COVID-19. Let’s say THANKS!